Lesi Sivumelwano Selayisensi Somsebenzisi (“SSS”) siqukethe isivumelwano phakathi kwe-KAI OS TECHNOLOGIES (HONG KONG) LIMITED, kuhlanganise nebambisene nabo (“thina” or “KAI”) kanye nawe futhi silawula indlela osebenzisa ngayo iSofthiwe namaSevisi. Sicela ufunde le SSS ngokucophelela.  Sicela uphawule ukuthi kumelwe ube nelungelo elingokomthetho ukuze wenze lesi sivumelwano ukuze usebenzise iSofthiwe namaSevisi.

Uvumelana nale SSS ngokusebenzisa isofthiwe ebizwa ngokuthi “KaiOS”, kuhlanganise ukuthuthukiswa, okwamuva, noma yimaphi amakhomponenti engeziwe nafakiwe, noma iyiphi isofthiwe (kuhlanganise nesofthiwe esebenza nge-inthanethi), ama-aplikheshini, okuphakathi noma amaSevisi eKAI konke kutholakala ngokuvumelana nale SSS nawo wonke amadokhument esofthiwe (“Softhiwe”).

 

Phawula ukuthi amakhomponenti athile eSofthiwe yethu ayatholakala njenge open source ngamaprojekthi ahlukahlukene (‘iSofthiwe Ye-Open Source”). Nakuba iSofthiwe ingaphansi kwale SSS, iSofthiwe Ye-Open Source itholakala ngaphansi kwemibandela yayo, futhi ukhululekile ukuyisebenzisa ngokuvumelana nemibandela yayo.

 

Ukwenezela kwiSofthiwe Ye-Open Source, iSofthiwe ingahlanganisa enye isofthiwe eseceleni ngaphansi kwelayisensi ehlukile (okuwukuthi, uma sekuhlangene neSofthiwe Ye-Open Source kubizwa ngokuthi “iSofthiwe Eseceleni”). Le Softhiwe Eseceleni ingaba ngaphansi kwemigomo yelayisensi ehlukile okumelwe uyamukele ukuze ukwazi ukuyisebenzisa.

 

Ngokwamukela le SSS noma ngokusebenzisa iSofthiwe kanye/noma namaSevisi, uyavumelana nayo yonke le migomo futhi ugunyaza ukudluliselwa kwemininingwane ethile lapho ubhaliswa nalapho uyisebenzisa ngokuvumelana neNgxenye 2.

  1. UBUBANZI BELAYISENSI

ISofthiwe nanoma yimiphi imininingwane etholakala ngeSofthiwe ingaphansi kwelayisensi, ayidayiswa. Ngokuphathelene nokusebenzisa kwakho, le SSS ikunika kuphela amalungelo okusebenzisa kanye kuphela iSofthiwe kwidivayisi yakho osekufakwe kuyo kakade le Softhiwe. Akumelwe usakaze noma wenze iSofthiwe itholakale ukuze isetshenziswe amadivayisi amaningi ngesikhathi esisodwa. I-KAI, abahlinzeki bayo nalabo abanamalayisensi balondoloza onke amanye amalungelo.  Ngaphandle uma kuvezwa omunye umthetho noma imigomo yelayisensi yeSofthiwe Eseceleni, ungasebenzisa iSofthiwe kuphela ngokuvumelana nalokho okushiwo kule SSS. Ngokwenza kanjalo, kumelwe ulandele noma yikuphi ukulinganiselwa kwiSofthiwe okukuvumela ukuba wenze izinto ezithile kuphela. Akumelwe:

  • ukopishe, usakaze noma ushintshe iSofthiwe noma uyishicilele iSofthiwe;
  • ungene lapho ungagunyaziwe khona noma weqele ngale kokulinganiselwa kweSofthiwe;
  • usebenzise iSofthiwe kunoma yini ephula umthetho, ewukukhwabanisa noma engagunyaziwe;
  • uthumele noma yiliphi i-worm noma i-virus noma iyiphi ikhodi ehloselwe ukulimaza;
  • usinikeze imininingwane engamanga noma esikhohlisayo;
  • uqoqe kunoma iyiphi indawo eseceleni imininingwane yabantu noma imininingwane kamazisi okuphula noma yimiphi imithetho yokuvikelwa kwedatha kanye/noma nemithetho yobumfihlo;
  • ukhode kabusha, uqaqe noma uhlukanise iSofthiwe yize kunemingcele ebekiwe, ngaphandle uma unemvume yokwenza kanjalo; noma
  • udlulisele iSofthiwe noma le SSS kunoma ubani oseceleni ngaphandle uma kuyidivayisi equkethe iSofthiwe.

Uma thina sibona ukuthi kunomthetho owuphulayo, imigomo ekule layisensi noma le SSS, sinelungelo, ngaphezu kwezinye izindlela ezikhona, lokukuvala ungakwazi ukusebenzisa iSofthiwe namaSevisi.

  1. UBUMFIHLO; IMVUME YOKUSEBENZISA IDATHA

Amanye amaSofthiwe namaSevisi angase athumele noma amukele imininingwane lapho ubhalisa noma uwasebenzisa. Ngokwamukela le SSS nangokusebenzisa iSofthiwe namaSevisi uyavuma ukuthi singaqoqa, sisebenzise futhi sitshele abanye imininingwane njengoba kuchazwe kwiNqubomgomo Yobumfihlo Ye-KaiOS.

  1. IMINGCELE YOKUTHUMELA

ISofthiwe ingase ibe ngaphansi kokulawulwa imithetho yokuthumela yase-United States of America noma amanye amazwe angase abeke imingcele noma enqabele ukuthumela noma ukuhambisa iSofthiwe.  Kumelwe wenze ngokuvumelana nayo yonke imithetho elawula ukuthunyelwa kwezinto. Ukuze uthole imininingwane ethile noma uma unombuzo, sicela uxhumane nomnyango wamakhasimende.

  1. ISIVUMELWANO ESIPHELELE

Le SSS, iNqubomgomo Yobumfihlo Ye-KaiOS kanye nemigomo ehambisana nanoma yikuphi ukuthuthukiswa namaSevisi owasebenzisayo, ayisivumelwano esiphelele seSofthiwe.

Ngenxa yokuthi sihlale sikhulisa iSofthiwe yethu, kudingeka sibe nelungelo lokuthi noma nini ngaphandle kokugunyazwa sishintshe imigomo yale SSS. Lapho senza lokho, sizokwenza okusemandleni ukuze sikwazise ngalokho esikwenzile.

  1. UMTHETHO OSEBENZAYO

Lapho kuphakama ukungezwani phakathi kwethu nawe, sicela uthumele i-imeyili emnyangweni wamakhasimende ukuze sizame ukulungisa lokho ngokushesha.

Le SSS ilawulwa imithetho yaseHong Kong ngaphandle kokubhekisela emithethweni yayo ephikisayo noma ukukhethwa kwemithetho. Uma uthole iSofthiwe u-United States of America, imithetho yezwe ohlala kuyo ilawula zonke ezinye izicelo, kuhlanganise nezicelo ngaphansi kwemithetho evikela umthengi, imithetho yokuncintisana ngokungenabulingisa kanye nomonakalo.

Noma yikuphi ukuhunyuswa kwale SSS kwenzelwa isidingo sendawo futhi uma kwenzeka kuba nokunqubuzana phakathi kwesiNgisi kanye nezinye izinguqulo, uhlelo lwesiNgisi lwale SSS yilo oluyosebenza, ngokwezinga elivunyelwa umthetho endaweni okuyo.

Uma kwenzeka nganoma yisiphi isizathu inkantolo ithola ukuthi kunengxenye engakwazi ukuyenza ingasebenzi, le SSS izoqhubeka isebenza.

  1. ISITATIMENDE SEWARANTI

ISofthiwe namaSevisi afakwe kwilayisensi “njengoba enjalo.” Ubungozi bokuzisebenzisa buwela kuwe. I-KAI ayikhiphi waranti, igaranti noma imibandela. Unamalungelo engeziwe omthengi endaweni ohlala kuyo le SSS engakwazi ukuwashintsha. Ngokwezinga elivunywa umthetho wendawo, i-KAI iyawakhipha amawaranti okuthengwa nokudayiswa kanye nokusebenza kahle ngenxa yenjongo ethile.

  1. UKULINGANISELWA NOKUKHISHWA KOKULUNGISWA KWEZINTO NOMONAKALO

Ungathola kuphela ku-KAI inkokhelo yomonakalo oqondile olingana nenani olikhokhile lapho uthenga iSofthiwe. Ngokwezinga elivunywa umthetho wendawo, awukwazi ukukhokhelwa ngenxa yomunye umonakalo, kuhlanganise umphumela, ukulahlekelwa yinzuzo, okhethekile, umonakalo oqondile nongaqondile.

  1. Ukusebenzisa Amasevisi Asebenza Nge-inthanethi

 

I-KAI inikeza amasevisi asebenza nge-inthanethi ahambisana neSofthiwe (amaSevisi). AmaSevisi angase aqukathe i-imeyili, isikhathi, amaqembu ezindaba, amaforamu, imiphakathi, amakhasi ewebusayithi, amakhalenda, ama-albhamu ezithombe, amakhabethe e-cloud, imakethe kanye/noma neminye imiyalezo noma  amathuluzi okuxhumana aklanyelwe ukukwenza uxhumane nabanye. Lapho usebenzisa amaSevisi anjalo, uyavuma ukuthi uzoyilalela imithetho esebenzayo, le SSS futhi uzoziphatha kahle.  Uyavuma ukuthi wonke la maSevisi uzowasebenzisela wena, hhayi ukwenza imali nokuthumela nokwamukela imiyalezo nezinto kuphela ezifanele nezihlobene nalawo maSevisi futhi kuphela ngemva kokuba usuthole imvume edingekayo noma ilayisensi engase idingeke ngokomthetho ukuze uthumele izinto ezinjalo. Uyayamukela imiphumela ehambisana nezinto ozithumelayo. Ngokwesibonelo, futhi lokhu akupheleli lapha, uyavuma ukuthi ngeke usebenzise amaSevisi ukuze ushicilele, ufake, uthumele, usakaze noma uhambise ngokungafanele, i-imeyili eyingozi, ukonakalisa, ukuhlukumeza, into noma imininingwane engekho emthethweni engalimaza amaSevisi noma ukusebenza kwedivayisi noma iphule amalungelo angokomthetho (njengelungelo lobumfihlo) abanye.  Ngaphezu kwalokho, uyavuma ukuthi ngeke usebenzise amasistimu azenzakalelayo noma enye indlela yokungena, yokuthola, yokukopisha noma yokugada noma iyiphi ingxenye yamaSevisi.

I-KAI ayibophekile ukugada amaSevisi. Nokho, i-KAI inalo ilungelo lokugada noma inakekele amaSevisi, ihlole izinto ezifakwe kumaSevisi futhi isuse noma yini ngaphandle kokufuna imvume. I-KAI inelungelo lukususa noma ukunciphisa ukungena kunoma yimaphi amaSevisi noma kuwo wonke noma nini ngaphandle kokuchaza isizathu.

I-KAI inelungelo lokuveza noma imiphi imininingwane njengoba i-KAI ikubona kudingeka ukuba ivumelane nomthetho osebenzayo noma isicelo sikahulumeni noma ukuvala, ukunqabela ukufakwa kwezinto noma ukususa noma imiphi imininingwane noma izinto ziphelele noma ziyingxenye, ngaphandle kokufuna imvume.