Thina, KAI OS TECHNOLOGIES (HONG KONG) LIMITED (ngemva kwalokhu kuzobhekiselwa kuyo ngokuthi “thina”, noma “Kai”) siyakuhlonipha ukukhathazeka kwakho ngobumfihlo. Le Nqubomgomo Yobumfihlo ichaza inqubomgomo yethu nenkambiso ngokuphathele nemininingwane yamakhasimende ethu. Sihlose ukukwenza ukhululeke futhi usethembe endleleni esiqoqa, sisebenzise futhi sivikele imininingwane yakho neminye imininingwane esiyiqoqayo noma osinika yona. Le Nqubomgomo Yobumfihlo Ye-KaiOS (“INqubomgomo Yobumfihlo”) ichaza nendlela ongasithinta ngayo uma unemibuzo noma ukhathazekile ngemininingwane yakho.

Izinga

Le Nqubomgomo Yobumfihlo ichaza ngokuningiliziwe inqubomgomo yethu nezinqubo zethu mayelana nokuqoqa, ukusebenzisa nokuveza imininingwane esiyiqoqe emawebhusayithini ethi, kuma-aplikheshini amasofthiwe, emakhasini ezinkundla zokuxhumana, emiyalezweni ye-imeyili nalapho uthenga noma usebenzisa imikhiqizo noma amasevisi, noma imininingwane yakho oye wasinika yona.

Ngokusinika imininingwane yakho, ngokungena ewebhusayithini yethu noma ngokusebenzisa imikhiqizo noma amasevisi ethu, uyavuma ukuthi uyifundile iNqubomgomo Yobumfihlo wayiqonda futhi uyavumelana nemigomo nemibandela yale Nqubomgomo Yobumfihlo.

Sizokwenza konke okudingekayo ukuze siqikelele ukuthi imininingwane yakho ilondolozwa futhi isetshenziswe ngendlela ephephile ngokuvumelana nale Nqubomgomo Yobumfihlo nemithetho esebenzayo.

Imininingwane yakho esiyiqoqayo

Le Nqubomgomo Yobumfihlo isebenza emininingwaneni yakho, okuyimininingwane engasetshenziselwa ukuxhumana noma ukubona umuntu othile.

Siqoqa imininingwane osinika yona. Samukela futhi silondoloze ngokuphephile noma yimiphi imininingwane lapho uvula i-akhawunti ID, uthenga umkhiqizo wethu noma amasevisi, udawuniloda ukuthuthukiswa kwesofthiwe, uxhumana nathi noma uhlanganyela kwinhlolovo eku-inthanethi.

Siqoqa imininingwane ngokuzenzakalelayo. Sithola futhi silondoloze uhlobo oluthile lwemininingwane noma nini lapho uxhumana nathi.

Siqoqa imininingwane esetshenziswa kwi-imeyili yakho lapho uxhumana ne-KAI. Ukuze usisize senze ama-imeyili azuzise futhi ajabulise, ngokuvamile sithola isiqinisekiso lapho uvuma i-imeyili yakho kwiwebhusayithi yokuthenga izinto uma idivayisi yakho ikwazi ukwenza izinto ezinjalo. Siphinde siqhathanise uhlu lwethu lwamakhasimende nohlu esiluthola kwezinye izinkampani, ukuze sizame ukugwema ukuthumela amameseji angadingeki kumakhasimende ethu.

Siqoqa imininingwane kwezinye izindawo. Singase sithole imininingwane ngawe kwezinye izindawo, ezigunyazwe nguwe ukuba zidlulisele imininingwane enjalo ezindaweni eziseceleni futhi iyifake kwi-akhawunti yethu.

Indlela esisebenzisa ngayo imininingwane yakho

  • Imininingwane yakho esiyiqoqayo isisiza sikwazi ukukuchazela ngezaziso zemikhiqizo zakamuva, ukuthuthukiswa kwesofthiwe kanye nama-iventi alandelayo. Uma ungafuni ukufakwa ohlwini lwethu lwe-imeyili, ungakhetha ukuphuma noma nini ngokuhlela kabusha okuthandayo.
  • Sisebenzisa nemininingwane yakho ukuze isisize sakhe, senze, sisebenzise, sihambise futhi sithuthukise imikhiqizo yethu, amasevisi, okuphakathi nezikhangiso ukuze sithuthukise ukusebenza kwakho.
  • Singase sisebenzise imininingwane yakho ukuze siphendule imibuzo yakhe futhi sigcwalise izicelo zakho.
  • Singasebenzisa imininingwane yakho, kuhlanganise usuku owazalwa ngalo, ukuze siqinisekise ukuthi ubani, isisiza siqinisekise ukuthi bangobani abasebenzisi nokuthola ukuthi yimaphi amasevisi afanelekayo. Ngokwesibonelo, singasebenzisa usuku lokuzalwa ukuze sithole iminyaka yomuntu one-akhawunti.
  • Ngezinye izikhathi singase sisebenzise imininingwane yakho ukuze sithumele izaziso ezibalulekile, njengokukuchazela ngokuthenga noshintsho lwemigomo, imibandela nenqubomgomo. Ngenxa yokuthi le mininingwane ibalulekile ukuze uxhumane nathi, awukwazi ukuyeka ukuthola le miyalezo.
  • Singase sisebenzise imininingwane yakho ngezinjongo ezingaphandle njengokuhlola, ukubhikisisa idatha, ukucwaninga ukuze sithuthukise umkhiqizo wethu, amasevisi nokuxhumana namakhasimende.

Ukuqoqwa Nokusetshenziswa Kwemininingwane Engakuthinti Ngokuqondile

Singase siqoqe imininingwane engahlobani nomuntu othile ngokuqondile. Singase siqoqe, sisebenzise, sithumele futhi siveze imininingwane engathinti muntu nganoma iyiphi injongo. Nazi ezibonelo zemininingwane engathinti muntu esingase siyiqoqe:

  • Imininingwane enjengolimi, uphawu olukhethekile lwedivayisi, i-URL, indawo nesikhathi idivayisi esetshenziswa ngaso ukuze siqonde indlela amakhasimende enza ngayo futhi sithuthukise imikhiqizo yethu, amasevisi kanye nokukhangisa.
  • Imininingwane engathinti muntu mayelana nokwenzeka ewebhusayithini yethu, amasevisi e-cloud noma isitolo se-app nakweminye imikhiqizo yethu namasevisi. Le mininingwane iyahlanganiswa bese isetshenziselwa ukusisiza sinikeze amakhasimende ethu imininingwane ewusizo nokuqonda ukuthi iyiphi ingxenye yewebhusayithi yethu namasevisi ethandwa kakhulu. Ngenjongo yale nqubomgomo yobumfihlo, lolu hlobo lwedatha lubhekwa njengolungathinti muntu ngokuqondile.
  • Imininingwane mayelana nokusebenzisa amasevisi ethu, kuhlanganise imibuzo yokufuna engase isetshenziselwe ukuthola imiphumela yalokho okunikezwa amasevisi ethu. Ezimweni ezimbalwa ukuze siqikelele ikhwalithi yamasevisi ethu kwi-inthanethi, imininingwane enjalo ngeke ihlotshaniswe nekheli le-IP.
  • Ngemvume yakho, singase siqoqe idatha ngendlela osebenzisa ngayo idivayisi yakho nama-aplikheshini ukuze sisize abaklami bama-aplikheshini bathuthukise ama-aplikheshini abo.

Uma sihlanganisa imininingwane yakho nemininingwane engakuthinti ngokuqondile, le mininingwane ehlangene izobhekwa njengemininingwane yakhe uma nje ihlanganisiwe.

Ama-Cookies Nobunye Ubuchwepheshe

Amawebhusayithi ethu, amasevisi akwi-inthanethi, ama-aplikhethini aphendulana nawe, amameseji e-imeyili nezikhangiso kungase kusebenzise “ama-cookies” nobunye ubuchwepheshe. Lobu buchwepheshe busisiza siqonda kangcono ukuziphatha komsebenzisi, busitshele ukuthi iyiphi ingxenye yewebhusayithi yethu evakashelwe abantu futhi ikale ukuphumelela kwezikhangisi zethu nokufuna ku-inthanethi Siphatha imininingwane eqoqwe ama-cookie nobunye ubuchwepheshe njengemininingwane engakuthinti ngokuqondile. Nokho, ngokwezinga amakheli e-IP noma ezinye izibaluli ezibhekwa ngayo njengemininingwane yakho umthetho wendawo, lokhu nakho sikubheka njengemininingwane yakho. Ngendlela efanayo, ngokwezinga imininingwane engakuthinti ngokuqondile ehlanganiswe ngayo nemininingwane yakho, sibheka imininingwane ehlangane njengemininingwane yakho ngenjongo yale Nqubomgomo Yobumfihlo.

I-Kai nozakwabo nabo basebenzisa ama-cookies nobunye ubuchwepheshe ukuze bakhumbule imininingwane yakho lapho usebenzisa iwebhusayithi yethu, amasevisi akwi-inthanethi kanye nama-aplikheshini.. Umgomo wethu kulezi zimo ukwenza uyijabulele iKai. Ngokwesibonelo, ukwazi ukuthi umuntu osebenzisa ikhompyutha yakho noma idivayisi yakho uthenge umkhiqizi othile noma usebenzise isevisi ethile kusisiza senze izikhangizo zethu nokuxhumana nge-imeyili kuqonde kube yinto oyithandayo.

Ungase uhlele ibrawuza yakho ukuba yamukele onke ama-cookies, iwenqabe wonke ama-cookies noma ikwazise lapho ama-cookies ethunyelwa.  Ibrawuza ngayinye ihlukile, ngakho hlola kwimenyu ethi “Usizo” yebrawuza yakho ukuze ufunde indlela ongawahlela ngayo ama-cookies.

Kwamanya amameseji e-imeyili, sisebenzisa “i-URL echofozwayo” ekusa ewebhusayithi yethu. Lapho amakhasimende echofoza enye yalama URL, adlula kwiseva yewebhu ngaphambi kokuba bafike ekhasini abalifunayo kwiwebhsayithi yethu. Siyawalandelela lama-URL achofozwayo ukuze sibone ukuthi yini abantu abayithandayo bese sikala ukuphumelela kokuxhumana kwethu namakhasimende. Uma ungathandi ukulandelwa ngale ndlela, kufanele ungachofozi igama noma isithombe esikusa kwenye indawo emesejini ye-imeyili.

Ingabe Sabelana Nabanye Ngemininingwane?

Imininingwane yakho asiyinikezi amanya amakhampani, izinhlangano noma abantu abangaphandle kwe-Kai ngaphandle uma kwevela enye yalezi zimo ezilandelayo. I-Kai ingase yabelane nabanye ngemininingwanye yakho ngemvume yakho.

Singase sinike ozakwethu imininingwane yakho uma kudingeka ukuba kulingiswe okuthile okuthinta thina noma wena.

Siyabambisana namakhampani nabantu abasenzela imisebenzi ethile. Izibonelo zihlanganisa ukugcwalisa ama-oda, ukuhambisa amaphakheji, ukuthumela incwadi ngeposi nange-imeyili, ukususa imininingwane ephindekile ohlwini lwamakhasimende, ukuhlola idatha, ukunikeza usizo kwezokukhangisa, ukunikeza imiphumela yocwaningo nama-link (kuhlanganise nokukhokhelwayo), ukusebenza ngenkokhelo yekhadi le-credit, ukusiza amakhasimende. Bayakwazi ukuthola imininingwane yakho edingekayo ukuze benze umsebenzi wabo, kodwa ngeke bayisebenzisele okunye.

Sizohlanganyela imininingwane yakho nezinhlangano noma abantu abangaphandle kwenhlangano yethu uma sikholelwa ukuthi ukuthola imininingwane, ukuyisebenzisa, ukuyilondoloza noma ukuyiveza kuyadingeka ukuze:

  • kuhlonishwe umthetho osebenzayo, inqubo yomthetho noma ukuphoqa isicelo sikahulumeni.
  • ukubona, ukugwema noma ukulwa nokukhwabanisa, nezinkinga zezokuphepha.
  • ukuvikela ukulimaza amalungelo, izinto zabantu noma ukuphepha kwamakhasimende ethu noma umphakathi njengoba kudingwa noma kuvunyelwe umthetho.

Ezokuvikela Nokuba Sobala

Sizokwenza konke ngokoqobo, ngemishini nangenhlangano nezinqubo zayo ukuze silondoloze imininingwane yakho esiyiqoqayo ngemikhiqizo yethu, amasevisi newebhusayithi yethu.

Sisebenza kanzima ukuze sivikele idumela lenkampani yethu namakhasimende ethu ekutholakaleni kwemininingwane okungagunyaziwe noma ukuyishintsha okungagunyaziwe ukuvezwa noma ukulinyazwa kwemininingwane esiyigcinile. Ngokuyinhloko:

  • Sibukeza indlela esiqoqa ngayo imininingwane, esiyigcina ngayo nendlela esiyihlola ngayo, kuhlanganise nezokuphepha, ukuqapha ukuze kungangenwa ngaphandle kwegunya kumasistimu ethu;
  • Sisebenzisa indlela yokufihla okubhaliwe lapho kwenzeka khona;
  • Sisebenzisa isivikelo segama eliyimfihlo lapho kwenzeka khona;
  • Asivumeli ukuba abasebenzi bethu bafinyelele emininingwaneni yabantu, izinkontileka kanye nama-ejenti abadinga ukwazi leyo mininingwane ukuze basihlelele yona futhi abangaphansi kwezibopho eziqinile zokugcina izimfihlo. Bangase bajeziswe noma inkontileka yabo ingasulwa uma behluleka ukuhlonipha lokhu.

Nokho, lokhu akukukhululi ekuthatheni izinyathelo ezifanele ukuze ugcine imininingwane yakho iphephile futhi ivikelekile, ngokukhethekile ngokugwema inombolo eyimfihlo engatholwa yinoma ubani, ngokuqikelela ukuthi akekho umuntu omtshela inombolo yakho eyimfihlo noma awuniki muntu imvume yokungena kwi-akhawunti yakho noma imininingwane yakho futhi ume nezindlela zokuvikela.

Ngokuphathalene nokuba sobala, umgomo wethu ukuthi sicace ukuthi yimini imininingwane esiyiqoqayo, ukuze wenze izinqumo mayelana nokuthi uzoyisebenzisa kanjani.

Uma uhlanganyela imininingwane yakho kwenye yamawebhusayithi ethu, amasevisi noma imikhiqizo ne-akhawunti eseceleni njenge-Facebook, Google + noma i-Twitter, sicela uphawule ukuthi ukuphepha kwemininingwane yakho kuyosingathwa yilawo ma-akhawunti aseceleni. Asinakubekwa icala nganoma yimuphi umonakalo noma ukulahleka kwedatha, ukulimala noma iyiphi inkinga engase ivele kumaprofayela aseceleni esingakwazi ukuwalawula.

Noma yimiphi imininingwane noma ulwazi oluveza ngokuzithandela lapho usebenzisa iwebhusayithi yethu, amasevisi noma imikhiqizo engabonwa amalungu ama-aplikheshini aseceleni noma amawebhusayithi (njengezinkundla zokuxhumana, kumameseji), iyakwazi ukubonakala emphakathini futhi ingaqoqwa, ibhekwe futhi isetshenziswe abanye. Kuwumthwalo wakho ukukhetha ukuthi imininingwane yakho uyayihlanganyela noma uyayithumela

Izingane

Siyaqonda ukubaluleka kokunaka nakakhulu ukuze sivikele ubumfihlo nokuphepha kwezingane ezisebenzisa imikhiqizo yethu namasevisi. Ngenxa yalokho, uma sazi asiqoqi, sisebenzise noma siveze imininingwane yezingane ezingaphansi kweminyaka engu-13 noma ezineminyaka ebekwe endaweni yangakini ngaphambi kokuthola imvume yabazali. Uma sithola ukuthi siqoqe imininingwane yengane eneminyaka engaphansi kwengu-13 noma iminyaka ebekwe endaweni yangakini, sithatha izinyathelo zokuyisusa leyo mininingwane ngokushesha ngisho nangaphambi kokuthola imvume yabazali.

Izinguquko

INqubomgomo Yobumfihlo ingashintsha ngokuhamba kwesikhathi. Sizobhala noma yiziphi izinguquko zeNqubomgomo Yobumfihlo ekhasini lethi le webhusayithi, uma izinguquko zizinkulu, sizokhipha esinye isaziso esiphawulekayo (kuhlanganise ne-imeyili echaza ushintsho lweNqubomgomo Yobumfihlo). Sizogcina nohlelo oludlule lwale Nqubomgomo Yobumfihlo endaweni esigcina kuyo amafayela ukuze uzihlolele yona.

Uhlelo lwakamuva olukaJuni 30, 2017

Isikhathi Sogcinwa Kwemininingwane Yakho

Imininingwane yakho siyigcina isikhathi esithile esidingekayo ukuze sigcwalise injongo evezwe kuleNqubomgomo Yobumfihlo, ngaphandle uma isikhathi eside sokuyigcina sidingeka noma uma kuvuma umthetho, nangenxa kuphela yezizathu ezivezwe ngenhla. Uma injongo ifinyelelwe, yonke imininingwane yomuntu iyasuswa ngendlela ephephile nevikelekile.

Amasevisi Asebenza Ngendawo

Ukuze inikeze amasevisi asebenza ngendawo emikhiqizweni yethu noma yozakwethu, iKai kanye nozakwethu nalabo abanamalayisensi, bangase baqoqe, basebenzise bahlanyele idatha yendawo eqondile kuhlanganise nebalazwe elinembile kwidivayisi yakho. Lapho etholakala, amasevesi asebenza ngendawo angase asebenise i-GPS, iBluetooth kanye nekheli lakho le-IP kanye ne-Wi-Fi hotsport nomboshongo wokuthola indawo kanye nobunye ubuchwepheshe ukuze kutholwe ukuthi idivayisi yakho ikuphi.  Ngaphandle uma unikeza imvume, le datha iqoqwa ngendlela engakuvezi wena futhi isetshenziswa yiKai kanye nozakwethu nalabo abanelayisensi ukuze banikeze imikhiqizo namasevisi asebenza ngendawo.  Ngokwesibonelo, idivayisi yakho ingase ihlanganyele indawo yebalazwe nabahlinzeki be-aplikheshini lapho ukhetha ukungena kumasevisi abo asebenza ngendawo.

Amawebusayithi Namasevisi Aseceleni

Iwebhusayithi ye-Kai, imikhiqizo, ama-aplikheshini namasevisi kungase kube nama-link akusa kumawebhusayithi, imikhiqizo namasevisi aseceleni. Imikhiqizo ye-Kai namasevisi angase asebenzise noma anikeze imikhiqizo noma amasevisi avela kwenye indawo. Imininingwane eqongelelwe amawebhusayithi aseceleni okungase kuhlanganise izinto ezinjengedatha yendawo noma imininingwane yokuxhumana kulawulwa inqubomgomo yabo yabumfihlo. Siyakukhuthaza ukuba ufunde inqubomgomo yobumfihlo.

Amalungelo Akho: Ngena, Lungisa, Vala

Ungangena, ubukeze futhi ulungise imininingwane yakho noma nini ngokungena kwi-akhawunti yakho, ngokuya kwi-profayela lakho noma ngokusithinta ngokuqondile. Uma ufuna silungise noma sisuse imininingwane yakho, singase sikucele ukuba usinike ubufakazi bokuthi nguwe ngempela ngaphambi kokuba siphendule isicelo sakho.

Ungase ucele nokuba idatha yakho isuswe noma ivalwe ngokufanele uma ukholelwa ukuthi idatha yakho ayinembile.

Uma unezicelo ezichazwe ngenhla, kumelwe uthumele isicelo sakho kule imeyili elandelayo: privacy@kaiostech.com

Ngaphansi kwezindawo ezithile nangaphansi kwemitheth yokuvikelwa kokulahleka kwedatha, ungase ube namalungelo okucela imininingwane yemininingwane yakho esiyigcinayo ngawe noma ukucela ukulungiswa noma ukususwa kwemininingwane yakho.

Sicela uqikelele ukuthi imininingwane yakho esinayo inembile futhi eyakamuva. Uma ucabanga ukuthi noma yimiphi imininingwane esiyigcinile ngawe ayinembile noma ayiphelele, sicela uxhumane nathi ku privacy@kaiostech.com.

Imibuzo Yobumfihlo

Uma unanoma yimuphi umbuzo noma isikhalo mayelana Nenqubomgomo Yobumfihlo noma ukuhlelwa kwedatha noma uma ufuna ukukhala ngokuphulwa komthetho wobumfihlo sicela usithinte. Ungasithinta nge-imeyili ku privacy@kaiostech.com.

Konke ukuxhumana kuyahlolwa futhi izimpendulo zikhishwa ngokushesha. Uma unganeliseki ngempendulo oyitholile, ungase uthumele isikhalazo sakho endaweni efanele endaweni yangakini. Uma usibuza, sizolwela ukukunika imininingwane mayelana nezindawo ezifanele zokukhala ezingasebenza esimweni sakho.